Titres les plus populaires de Thando Zide
Crédits
COMPOSITION ET PAROLES
Thandokazi Phanyaphanya
Paroles/Composition
PRODUCTION ET INGÉNIERIE
Thato Modika (Phonikz)
Production
Paroles
Kugcwele engqondweni yami
Ngisindelwa yintliziyo
Ubuso bugcwele iinyembezi zay'zolo
Ngilahlekile ekuzuleni kwengqondo yami
Ngicela ukungazibwa nguwe
Mngani wangempela
Ngibone noma seng'ashongo
Ukuthi angiphilanga
Nginokuphelelwa ngamagama
Ngibone noma seng'sindelwa yihlombe
Uze ulikhumbule elami igama
Nanti lempi engifuna uyibone
Impi yomphefumulo
Impi yangaphakathi
'Zungalikhohlwa nami elami igama
Nanti lempi engifuna uyibone
Impi yomphefumulo
Impi yangaphakathi
'Zungalikhohlwa nami elami igama
Izulu liyoma nini ukunginela
Liguqubele
Nawe mngani wami ubongitshela
Uma ufuna ngikubambe ngesandla
(Siguqe na) Sithandazele ukuhliselwa Komthwalo
Namandla okuqhubekeka
Ngohambo esikulo
Umthwalo uzohliswa ngok'bekana emkhulekweni
Zungalikhohlwa
Ngithandazele
Guqa ngamadolo ulibize elami
Impi yangaphakathi
Zungalikhohlwa elami igama
Writer(s): Thandokazi Phanyaphanya
Lyrics powered by www.musixmatch.com