Kredity

PERFORMING ARTISTS
Senzo Khumalo
Senzo Khumalo
Lead Vocals
COMPOSITION & LYRICS
Senzo Khumalo
Senzo Khumalo
Songwriter
PRODUCTION & ENGINEERING
Senzo Khumalo
Senzo Khumalo
Producer
Lindani Gumede
Lindani Gumede
Producer

Texty

Siyabonga Baba (Siyabonga Baba)
Wahamba nathi (Wahamba nathi kwaze kwaba la)
Kube Wena wawungekho (Kube Wena wawungekho)
Ngabe safel'endleleni (Ngabe safel'endleleni)
 
Baningi ebesihamba nabo endleleni (Siyabonga Baba)
Kodwa azange bafike lasifike khona (Wahamba nathi kwaze kwaba la)
Siyabonga Ebenezer (Kube Wena wawungekho)
Ngabe safel'endleleni (Ngabe safel'endleleni)
 
Masibhek'izinto osidlulise kuzo Simakade
Ezinye zaso zinosizi zifikis'inyembezi
Kube Wena ubungenathi
Ngabe k'dala kwaphela ngathi
Wasihola, wasigcinela nemndeni yethu
Wasinika amandla wokuthi sibeke ukudla etafuleni
Nalapho izinto bezingahambi kahle
Wena wasibamba ngezandla Zakho
Kwaze kwaba la
Siyabonga Baba (Siyabonga Baba)
Thando nomusa olungaka osenzele lona (Wahamba nathi kwaze kwaba la)
Besingaba yini kube wawungekho empilweni zethu (Kube Wena wawungekho)
Ngabe k'dala kwaphela ngathi (Ngabe safel'endleleni)
 
Aw Simakade Wena ufanelwe wudumo (Siyabonga Baba)
Wangithatha nami nginge lutho empilweni (Wahamba nathi kwaze kwaba la)
Wayengekho nomuntu ongabeka ithemba lakhe kimina (Kube Wena wawungekho)
Baba ngiyabonga nami ngempilo yami (Ngabe safel'endleleni)
Thando olungaka nomusa osenzele lona (Siyabonga Baba)
Sihamb'emgwaqweni ubusuku nemini (Wahamba nathi)
Kodwa Wen'uyasivikela njalo (Kwaze kwaba la)
Kube Wena ubungekho (Kube Wena wawungekho)
Ngabe safel'endleleni (Ngabe safel'endleleni)
 
Aw Simakade
Siyabonga ngokusigcinela abazali bethu
Siyabonga ngokusigcinela abantwana bethu Simakade
Ngoba ziningi izinto ezenzekayo kulomhlaba esikuwo
Kodwa Wena usigcinile kwaze kwaba la
Siyabonga Ngonyama yeZulu (Siyabonga Baba)
Wena awukahlulwa lutho (Wahamba nathi)
Siyabonga Simakade (Kwaze kwaba la)
Kube Wena ubungekho (Kube Wena wawungekho)
Ngabe k'dala, ngabe k'dala kwaphela ngathi (Ngabe safel'endleleni)
 
Wasivikel'ezitheni
Wasivikela nalapho kumnyama khona (Siyabonga Baba)
Sayinyuka lentaba, saphinda sahlika (Wahamba nathi kwaze kwaba la)
Amandla siwathole kuwe Simakade (Kube Wena wawungekho)
Ngabe nga, ngabe saphel'endleleni (Ngabe safel'endleleni)
 
Baningi besihamba nabo endleleni (Siyabonga Baba)
Abazange bafike lasifike khona (Wahamba nathi kwaze kwaba la)
Kube Wena ubungekho (Kube Wena wawungekho)
Ngabe k'dala kwaphela ngathi (Ngabe safel'endleleni)
Siyabonga, siyabonga Simakade
 
Siyabonga Ngonyama yeZulu (Siyabonga Baba)
Wena Ebenezer (Wahamba nathi)
Wahamba nathi Baba (Kwaze kwaba la)
Wasigcina kwaze kwaba lapha (Kube Wena wawungekho)
Siyabonga Baba, siyabonga (Ngabe safel'endleleni)
Siyabonga Ngonyama
Written by: S. Khumalo
instagramSharePathic_arrow_out

Loading...