Hudební video

Hudební video

Kredity

PERFORMING ARTISTS
Inkos'yamagcokama
Inkos'yamagcokama
Performer
COMPOSITION & LYRICS
Scebi Dlamini
Scebi Dlamini
Lyrics

Texty

[Intro]
Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Ngob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
[Verse 1]
Nom'iNational Anthem len'oyiculayo
Ungazi nokuthi ash'ukuthini amagam'ayo
Ungixolele ngalembuzo
Ukuthi nje-ke nami angisamfuni umntodlalayo
[Verse 2]
Ngifun'ukubona ngezenzo
Angisilo loluhlobo lomuntu othathekayo ochazekayo
Bathi action speaks louder than words
Ngike ngizwe kush'abantu abathandanayo
[Verse 3]
Ngibonise lolothando
Mina ngithand'insizwa ewamelayo amagamayo
Umuthunywe zinkanuko
Vel'uyeke ngeke isebenze lento lena oyizamayo
Ngeke ubaqede abasfazane
Baningi nanamhlanje kusekhona abazalwayo
[Verse 4]
Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Ayi
[Verse 5]
Mina ngihambile ngibonile
Ngijolile futhi bangigilile
Ngase ngifungile
Sengizitshelile othandweni ngphumile
Manje sengipholile
Sengingaqoma uma isikhathi sesifikile
[Verse 6]
Yebo angalile
Kungenza njob'uthuyangithanda uqinisile
Manje sengikhulile
Langa selishonile
Isikhathi sokudlala sesidlulile
[Verse 7]
Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
[Verse 8]
Ngiyacel'ungadlali ngami njengob'ulokhu ungibelesele
Ngingakunik'uthando lwami ujike wena ungibalekele
Uyob'uyiphulile inhliziyo yami nomoya wami uyobe wonakele
Ngiyayesabel'inhliziyo yami namathemb'othando kimi ashabalele
Nami ngiyafisa abazali bami bejabule ngami khona besaphelele
[Verse 9]
Wonk'amathemba
Sengiwabeke kuwe sengingowakho
Thatha amanamba
Ubongifonela ntambama ngizw'izwi lakho
Wobek'isamba
Ozongilobola ngaso ngibe ngowakho
Njengob'uhamba
Ubobuya uzolanda ucu lwakho
Um'ungibamba
Ngesandla kukhul'uthando nemizwa yakho
[Verse 10]
Njengob'uthi uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
Uth'uyangithanda
Ngab'uyazi kushukuthini na lokho?
[Verse 11]
Nom'iNational Anthem len'oyiculayo
Ungazi nokuthi ash'ukuthini amagam'ayo
Ungixolele ngalembuzo
Ukuthi nje-ke nami angisamfuni umntodlalayo
Ngifun'ukubona ngezenzo
Angisilo loluhlobo lomuntu othathekayo ochazekayo
Bathi action speaks louder than words
Ngike ngizwe kush'abantu abathandanayo
[Outro]
Wonk'amathemba
Sengiwabeke kuwe sengingowakho
Thatha amanamba
Ubongifonela ntambama ngizw'izwi lakho
Wobek'isamba
Ozongilobola ngaso ngibe ngowakho
Njengob'uhamba
Ubobuya uzolanda ucu lwakho
Um'ungibamba
Ngesandla kukhul'uthando nemizwa yakho
Written by: Scebi Dlamini
instagramSharePathic_arrow_out

Loading...