Letras

Nkosi emile yodwa Siqu sempilo yami Sifikil'isikhathi, sokuza kuwe Macebo aphelile Kwazi kwam kufishane Zanobuchule bakho, ungisize Ngidukil'endleleni Kade ngiphambukile Se ungibuyisele Ngiyihambe Zange kubeyinhloso Kuphikisana nawe Ngisakuthanda baba Ngihaw'kele Ngimvumelil'omubi, Angisuse endaweni, Othe angibekuyo, Uz'ubuye Akuhambi ngendlela Ebengiyicabanga Ngibonise eyakho Uz'ubuye. Hluza ingqondo yami Thambisa nenhliziyo Ngilazi izwi lakho, futhi ngenze Ngifun'ukuhanjelwa Ngumoya wakho ongcwele Thulula ungaphezi Kwand'ukholo. Ngiyalangazelela Ukuphelela kuwe Ngobambelela kuze Ungilande. Ngiphe ubuhlakani Kanye namandl'amasha Qondise yam'indlela Uz'ungilande.
Writer(s): Mnqobi Andrew Nxumalo Lyrics powered by www.musixmatch.com
instagramSharePathic_arrow_out