Video Musik
Video Musik
Dari
PERFORMING ARTISTS
Senzo Khumalo
Lead Vocals
COMPOSITION & LYRICS
Senzo Khumalo
Songwriter
PRODUCTION & ENGINEERING
Senzo Khumalo
Producer
Lindani Gumede
Producer
Lirik
Kuthe lapho ngisindwa
Kuthe lapho nginyathelwa
Kuthe lapho ngithwele kanzima
Heee (Ngathandaza)
Kuthe lapho kufik'izivungu vungu
Kuthe lapho uSathan'ezama ukunginyakazisa
Kuthe lapho ngizwa ngathi kuyanyukela
Heeee (Ngathandaza)
(Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
(Angizwanga lez'imvula ebezinginetha)
(KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Ngizwe ngabantu bengibuza (Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
Bethi udlule njani kulendawo (Angizizwanga lez'imvula ebezinginetha)
Ngabatshela ngathi kuneNdoda beyingibambe ngesandla oh (KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Ziyafik'izikhathi zobunzima empilweni
Lapho kubiz'ukukholwa kwakho
Kumele uguqe ngedol'uthandaze ucele kuSmakade
Laph'uSathane bethi uqedile ngempilo yami
Kodwa izitha zami zijabhile zonke lalela
KuneNdoda (KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Ngiyabonga Jesu (Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
Angizizwanga lez'imvula (Angizwanga lez'imvula ebezinginetha)
Ngoba ngihamba nomadida (KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Wena wawela no Moses uLwandle olubomvu (Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
Ubungahlulwa yini ukungifukula nami (Angizizwanga lez'imvula ebezinginetha)
Ngiyabonga ngiyabonga Baba (KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Oh ngibambe ngesandla, oh Nkosi yami
Kuseyiyo leNdoda eyakhipha uDaniel engonyameni
Yiyolena engihamba nayo ngize ngafika la
Heyi kuthi lapho noba kuhlik'inyembezi
Besengiguqa phansi ngimemeze
Ngithi Nkosi, ngithi Nkosi ngicela ungibambe ngesandla
Angizwanga lutho (Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
Noba bengihlaselwa kodwa bengivikelwa (Angizizwanga lez'imvula ebezinginetha)
Ngoba kuneNdoda beyingibambe ngesandla (KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Seyiyona leyoNdoda eyenza izimanga ebantwini (Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
Yiyon'ehambe nami kwaze kwabalapha (Angizizwanga lez'imvula ebezinginetha)
Nanamhlanje ngiyayiqhenya, ngiyayihlonipha le Ndoda (KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Ngiyabonga mina Ngonyama Yezulu
Ekugcineni izithembiso Zakho (Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
Ukuthi angeke ngihlupheke ngantoni na (Angizizwanga lez'imvula ebezinginetha)
Hey, Wena ungibambe ngesandla (KuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Ngiyabonga Jesu (Angiwezwanga lameva bengihamba phezukwawo)
Angizwanga lez'imvula (Angizizwanga lez'imvula ebezinginetha)
Yebo kuneNdoda indoda ethembekileyo bambe ngesandla (kuneNdoda beyingibambe ngesandla)
Siyabonga Jesu, siyabonga Baba
Written by: S. Khumalo