Testi

Mntanami ngibhala lencwadi Ngenhliziyo ebuhlungu Mhlawumbe uzothi umuyithola Ngizobe ngingasekho Laph'emlabeni Isiphelile iminyaka elishumi Wena uhambile Wang'shiya nalengane zakho ezithathu Wawucabangeni welahlekile? Wawucabangeni? (Olusizi, olungaka) Mina angeke ngiyimele Angeke Amandla asephelile Wemtanami (Olusizi, olungaka) Wawucabangeni na? Welahlekile!!! Ohh mntanami Nazi lezingane ngihlezi nazo Ngihlezi nazo kulomkhukhu owasishiya kuwo Wona lona onethayo uma imvula ina! Zithamba kunye nami mntanami Zikhala kunye nami Zihlupheka kunye nami Omakhelwane bangihleka kunye nazo Ngisho lezingane zakho owangishiya nazo iminyaka elishumi eyadlula Lezizingane eziphuma okhalweni lwakho Izingane lezi eziphuma emathunjini akho Izingane lezi ezi zelwe nguwe mntanami Lezizingane ezingabazi obaba bazo kuze kube yinamhlanje Yizona eziyongivala amehlo Yizona futhi ezizobonisa umfundisi izambatho zami zasenkonzweni Yizona ezizobonisa umfundisi amathikithi ami okweshumi Ohh mntanami okungizwisa ubuhlungu kakhulu yilona wentombazanyane Ngoba usekhulile Futhi usewabonile namalanga akhe Akanawo ngisho amabhulukwana angaphansi Ugqoka amabhulukwana omfowabo omncane Akanalutho Ohh akanalutho mntanami Futhi angangidalela nengozi Ohh mntanami buye'khaya Buya uzoqoqa ihlazo lwakho Futhi ubuwazi ukuthi mina angiphilile kahle Nezinhlungu zomzimba zihlasele ngamandla Ohhho nelanga selingishonele mntanami Mhlawumbe uzothi muthola lencwadi mina ng'zobe sengigcwatshiwe Uzoboniswa yizona lezingane ithuna lami Ohh mntanami bengingafuni ukukubhalela incwadi Bengifuna ukuthi sikhulume umlomo nomlomo Ohh ngizothi mangiqeda ukubhala lencwadi besengiphuza Amaphilisi ami ezinhlungu khona ngizokwazi ukuthola ubuthongo mntanami Ohhh mntanami into engiyithandazelayo Ukuthi uNkulunkulu akubheke lawukhona Akuphephise Angazi noma mntanami unabanye abantwana na? Kazi la ukhona unezinye izingane na? Oh ungaphinde ungilethele iy'ngane ezingenabo obaba. Engikuthandazelayo nje mntanami Ukuthi uNkulunkulu akugcine Akugcine akuphephise Ubuye uzobona iy'ngane zakho. Kazi ngabe mntanami usazikhumbula izimfundiso zami na? Ngabe usawakhumbula amagama ami Ney'thembiso owazenza kimi usazikhumbula na?
Writer(s): Thuso Motaung, Malope Rebecca Lyrics powered by www.musixmatch.com
instagramSharePathic_arrow_out