Kredyty

PERFORMING ARTISTS
SmartBlack Mampondo
SmartBlack Mampondo
Performer
Shiwe Unathi Mthwazi
Shiwe Unathi Mthwazi
Lead Vocals
Zamokwakhe Mzamiseni Gwala
Zamokwakhe Mzamiseni Gwala
Spoken Word
Innocent Mlungisi Nkandi
Innocent Mlungisi Nkandi
Sampler
COMPOSITION & LYRICS
Shiwe Unathi Mthwazi
Shiwe Unathi Mthwazi
Songwriter
Zamokwakhe Mzamiseni Gwala
Zamokwakhe Mzamiseni Gwala
Songwriter
Innocent Mlungisi Nkandi
Innocent Mlungisi Nkandi
Songwriter
PRODUCTION & ENGINEERING
Malinkandi
Malinkandi
Producer

Tekst Utworu

Sikelela
(Mmmm)
Sikelela
(Mmmm)
Ngibonizinto eziningi
Ngibona nezinto ezangilahlekela
WeMvelinqangi!
WeMvelinqangi khuluma nam
Ngibona abantu abaningi
Ngibona nabantu abangasekho lapha
Wethonga lam
Thonga lam khuluma nam
Isbani esangikhanyisa
Sishodi ngamafutha sikhanye
Isibani esangikhanyisa
Sishodi ngamafutha sikhanye
Ngithela mafutha akho weMvelinqangi Ngikhanye nami
Ngixhoma maphikakho weMvelinqangi
Ngindizele kude (hhehhe)
Ngithela mafutha akho weMvelinqangi Ngikhanye nami
Ngixhoma maphikakho weMvelinqangi
Ngindizele kude (hhehhe)
Sehli sambulo
Okubuhlungu ukuthi isbani esangikhanyisa mfokaMthwazi
Yiso kanye lesi esangishisa njengoba ngimdwayidwa nje nginjena
Angisathuswa yilutho olwenzeka ngaphansi komthunzi welanga
Ngoba sengibone lukhulu ngeso lam lesthathu
Ngiphelelwa nawuvalo
Sekukuncane kakhulu engikusabayo
Kodwa ngyakusaba ukukhanya
Ngoba lo osuke engikhanyisele
Angimazi yena ukuthi ukhanyiselwa ubani
Ngoba nelanga nalo liyafa ukushisa ngenkathi likhanyisela thina
Yingakho ngelinye ilanga liyowa licoshwe yizinkukhu
(Ihheyi) ngoba amandla ayosphelela ngelinyilanga kuthina sonke
Ngokuhlukana kwethu
Ngibona sihaqwa inhluphelo uMvelinqangi engayiphenduli imkhuleko yethu
Naye ekhulekela ukuthi kuphenduleke imthandazo yakhe
Yokuthi kuphenduleke imkhuleko yethu
Okungenzeka yini ukuthi wena ungunkulunkulu wakho uqobo
Mungaqala manje ukholelwe kuwe ungawathola amafutha ekujuleni kwenhliziyo yakho
Isbani esangikhanyisa
Sishodi ngamafutha sikhanye
Isibani esangikhanyisa
Sishodi ngamafutha sikhanye
Ngithela mafutha akho weMvelinqangi Ngikhanye nami
Ngixhoma maphikakho weMvelinqangi
Ngindizele kude (hhehhe)
Ngithela mafutha akho weMvelinqangi Ngikhanye nami
Ngixhoma maphikakho weMvelinqangi
Ngindizele kude (hhehh)
Written by: Innocent Mlungisi Nkandi, Shiwe Unathi Mthwazi, Zamokwakhe Mzamiseni Gwala
instagramSharePathic_arrow_out

Loading...