Music Video

Big Zulu (Ft. Mduduzi Ncube) - Inhlupheko [Official Audio]
Watch {trackName} music video by {artistName}

Featured In

Credits

PERFORMING ARTISTS
Big Zulu
Big Zulu
Performer
COMPOSITION & LYRICS
Edward Gobizembe
Edward Gobizembe
Composer
Emmanuel Gobizembe
Emmanuel Gobizembe
Composer
Mduduzi Ncube
Mduduzi Ncube
Lyrics
Siyabonga Nene
Siyabonga Nene
Lyrics

Lyrics

Ayi shun'wenkabi (ngizomosha) Ayi sawubona mtanami Ngithemba okuthi uyaphila Ngokwe gama nguDoris Ngiyabonga usuze wa fika Mzukulu, leth' amanzi ukutheng' icold-drink ngyafisa Kodwa ikati lilele ezikho Sibong' umphefumulo masiphila Mtanami angixolise, ukuk'moshela isikhathi Okungezeka ukuthi umatasa Kodwa ngeke ngithath' isikathi Mzukulu, awleth' icansi Umalume ake ahlale phansi Angazi ng'zoqalaphi Kodwa ng'celi ukuqala phansi Mangithi ngiya bheka, umama ugqwele usizi Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi Mzukulu uyahlakula kukha'l igeja ugcwel' insimbi Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi Mtanami angikusho lokhu Mina ngazalelwa ukuhlupheka Ngiyinhlekisa emphakhathini nginana impuphu neshugela Abanye bathi ngiya thakatha Ngithule bengisukela Angiyazi injabulo Kodwa eZulwini ngiyokhululeka Kuyozeze kube nini, isimo singashintshi? Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami We-Jesu nguwe ithemba lami Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumula xa ndifika kuwe Intokozo, mina iyami inzima Njegoba ubona amathuna Ay bonke la ekhaya bangishiya Lomtwana omsehlana yena ubabakhe wamphika Kusele mina neMzukulu Masihamba kuyosala inxiwa Ngyazi isisho sithi "Alikho ithuna lendlala" Lomtwana engimtetile, unina wamshiya ekhala Lona omdala uhlale ebuza, "Ukuphi umama?" Wahamba eyofuna itoho Akaphindanga wabuya ekhaya Mtanami, kunzima kunokuphela iviki ngadlile Ngikhalela uMzukulu abuye eskoleni elambile Kodwa usebenza kanzima Ukuba nekusasa eliqhakazile Ukuthi uphuma enhluphekweni Kodwa ezifundweni udlal' ephasile Eqinisweni, mtanami mina ngyafisa ubaba angithathe Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase Nali ithawula, mtanami Bengaqondile ukuthi ukhale Kuyoze kube nini, isimo singashintshi? Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami Ey we-Jesu nguwe ithemba lami Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe Ngizophumula xa ndifika kuwe Liyaphuma, liyashona Kimi akuna mehluko Yebo, ekukhuleni kwami nami ngakhula ngina amaphupho Ngyathula nje, ngilalele enkozweni besho amahubo Isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo Kwakhala inyonini layikhaya basiqalekisa Amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise Bengaqondile ukudabukisa Ngyaxolisa mtanami, akuyona inhloso nje ukubalisa Namhlanje mtanami, asazi siyolala sidleni Into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni Ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni Kokunye nginokulala khona Ngivuke ngithengise ekuseni Kunzima mtanami, sidla imbuya ngothi Angilazi icala lami, emhlabeni ngiyi soni Kodwa sengivumile, injabula angiyitholi Angikukhulule mtanami uhambe ilang lingashoni Kuyoze kube nini, isimo singashintshi? Inhlupheko, ngikhala eb'suku ne mini Ngothemba kuwe wedwa, mdali wami Ey we-Jesu nguwe ithemba lami Yebo, kunzima, nethemba lingiphelele Lobubuhlungu nesimo ngisamukele Imizamo yami iyophela kuwe
Writer(s): Edward Gobizembe, Siyabonga Nene, Mfundo Khumalo, Sibusiso Wiseman Nkwanyana Lyrics powered by www.musixmatch.com
instagramSharePathic_arrow_out