Credits
PERFORMING ARTISTS
Mfana Kah Gogo
Performer
COMPOSITION & LYRICS
Sipho Mbonambi
Composer
Melokuhle Nzimande
Composer
BONGINKOSI TSHABALALA
Composer
PRODUCTION & ENGINEERING
MelloCue
Producer
Lyrics
IPHUPHO
Nanananana nana
CHORUS
K'dala ngehla ngiwa nginyuka
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
'Mangedwa
x2
VERSE 1
Ngithi, ngicela sihlale phansi
NAthi sibike lolu daba
Ngoba okuhlula amadoda kuthiwa kuyabikwa
Abanye bethu basishiya kulomhlaba
Ngenxa yezifuba ezazivalela izinkinga
Emaphuphweni ngizwa amazwi engibiza
Izinto zalomhlaba nami ziqala ukungilinga
Umthwalo wami nami ngizwa ungisinda
Kodwa angisho lutho ngoba akekho ozongisiza
Ngizokhuluma nabadala bangibhekele
Ngicele uNkulunkulu naye angithethelele
Ithemba nami kimi alivuselele
S'ngabantwana bakho Baba, thethelela, thethelela, thethelela
(Ishu okaGogo yena yedwa loMfana)
CHORUS
K'dala ngehla ngiwa nginyuka
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
'Mangedwa
x2
VERSE 2
Nasemakasana sengipheduka ihlanya
Im'sebenzi ayibonwa, sengijika nelanga
Bhuda yami uMpura wathi singapheli amandla
Ngoba umhlaba awunaqiniso
Wase ukhetha ukumthatha
Thina besibuka kuye
Intwana isaphusha ingenamandla
Ingenalutho, yona ithemba ibilithola kuye
Wavusa ithemba kimi, ukuthi ngilandele amaphupho
Ngidele ikhaya
Intwana encane izikuthande ukucula, thande ukucula, thande ukucula
Intwana encane izikuthande ukucula, thande ukucula, thande ukucula
CHORUS
K'dala ngehla ngiwa nginyuka
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
'Mangedwa
x2
Bridge
CHORUS
K'dala ngehla ngiwa nginyuka
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
Mang'ngekho right ngikhuluma ngedwa
'Mangedwa
x2
Written by: BONGINKOSI TSHABALALA, Melokuhle Nzimande, Sipho Mbonambi