album cover
Emanxiweni
album cover
00:00
00:25
00:55
01:40
02:20
02:35
02:40
03:05
03:30
03:35
03:40
03:45
04:40
00:00
04:48
Past 7 Days
Emanxiweni was discovered most frequently at around 55 seconds into the song during the past week

Music Video

Music Video

Lyrics

Nkosi ngicela ungigcinele abazali bami, ngiyawesaba amahlazo
(Ngifisa abazali bami befe sengililungisile lelikhaya leli)
Uma bengafa namhlanje
(Abanye bayobe bezongamela isidumbu)
(Abanye bezobuka umuzi wakithi)

Muthakathi ngicela ungangibulali, angikwesabi mina ukufa
Ngesaba amahlazo ayovela sengingasekho, ngingalena kwethuna
(Isidumbu sami siyophumela endlini yakwagogo)
(Ngisebenzela ukuqeda izindlu zodaka, ayfuni ukuphela)
(Bayangihleba kule ndawo)
(Lo mfana ophapha kanje kunjena kubo)
(Bafwethu ningayisho lento kimi)
Ngoba ngiyazama mina (ngoba ngiyazama mina)
Awu khaya lami (ikhaya lami eliyodal' injabulo yami)
Muthakathi ngicela ungangibulali, angikwesabi mina ukufa
Ngesaba amahlazo ayovela sengingasekho, ngingalena kobandayo
(Isidumbu sami siyophumela endlini yakwagogo)
(Ngisebenzela ukuqeda izindlu zodaka, ayfuni ukuphela)
(Bayangihleka kule ndawo)
(Lo mfana ophapha kanje kunjena kubo)
(Bafwethu ningayisho lento kimi)
(Ngoba ngiyazama mina, ngoba ngiyazama mina)
Awu khaya lami (khaya lami eliyodal' injabulo yami)
Muthakathi ngicela ungangibulali, angikwesabi mina ukufa
Ngesaba amahlazo ayovela sengingasekho, ngingalena kwethuna
(Isidumbu sami siyophumela endlini yakwagogo)
(Ngisebenzela ukuqeda izindlu zodaka, ayfuni ukuphela)
(Bayangihleba kule ndawo)
(Lo mfana ophapha kanje kunjena kubo)
(Bafwethu ningayisho lento kimi)
(Ngoba ngiyazama mina, kodwa ngiyazama mina)
Awu, awu khaya lami (ikhaya lami eliyodal' injabulo yami)
Ah ngabe ngiyawuvusa lo muzi wakithi inkinga ngiswele wona amandla
Lo muzi impela ngizow'vusa umuzi wakithi
Kodwa ngizoqhubeka ngizame madoda
Yazi ngizoqhubeka ngizame madoda
Impilo ifun' abantu abazamayo
Yazi ngizoqhubeka ngizame madoda
Impilo ifun' inkani
Hhayi mama ngiyakhala (mama ngiyakhala ngikhumbul' emanxiweni)
Impilo yayinganjena impilo
(Yayinganjena impilo sisakhula kuleya ndawo yakithi)
Hhayi mama ngiyakhala we (mama ngiyakhala ngikhumbul' emanxiweni)
Impilo yayinganjena impilo
(Yayinganjena impilo sisakhula kuleya ndawo yakithi)
Wemama mina nginexeba, ngiyakhala ngaleyandawo yaseThempelini
Asikaze sakuthol' ukujabula
Asikaze sayithol' intokomalo
Safika kuleya ndawo nezinkomo eziyishumi nanhlanu nezimbuzi
Isibaya sesagcwala amaloyo
Aw nekhehla selalala
Wemama ngiyakhala (mama ngiyakhala ngikhumbul' emanxiweni)
Impilo yayinganjena impilo
(Yayinganjena impilo sisakhula kuleya ndawo yakithi)
Wemama ngiyakhala (mama ngiyakhala ngikhumbul' emanxiweni)
Impilo yayinganjena impilo
(Yayinganjena impilo sisakhula kuleya ndawo yakithi)
Written by: NND International
instagramSharePathic_arrow_out􀆄 copy􀐅􀋲

Loading...