歌词
Woah, woah, yeah woah
Woah, woah, yeah, woah
Wangibheka ngothando, wangibheka ngothando Jesu (Wangibheka ngothando)
Ngikhala nenyembezi zobika udaba lwami, wangibheka ngothando (Wangibheka ngothando)
Waphakamis'igama lami, la ngabona khona ukuthi ungikhathalele (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Wasijik'isimo sam'uBaba, ngasho ngabona ukuthi ungikhathalele, mmm (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Ngithe ngimemeza, esixukwini ezodlul'uJesu
Laph'abaningi bethi mangithule, nginga memezi, ngoba kudlul'iNkos'uJesu
Kodw'iNkosi ngibon'iza kimi, wangibheka ngothando (Wangibheka ngothando)
Wabuz'isimo sami, ngamtshela konke uBaba, wangibheka ngothando (Wangibheka ngothando)
Sevul'amehlo wami ngabon'ukuthi, nom'abantu bangathini, kodw'uBaba ungikhathalele (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Yebo liyangithand'izulu, nom'abantu bangakhuluma bathini, izulu lingikhathalele (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Ngikhathalelwe, ngikhathalelwe ngamazulu, kum'izint'uYesu aze kimi (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Haah, bendikubani Nkosi? ukub'ungayeka konke, wabheka mina, yes haah (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Wathi laba bangabami, ngimbon'asesiphambanweni, ungibheke ngothando uYesu, uyangihluphekela (Wangibheka ngothando)
Waleng'esiphambanweni ngenxa yami, impela kwakufanele ngibhubhe (Wangibheka ngothando)
Kodwa yena wafela mina ngabona, lapho seyona ingelosi isingiphathe ngesandla (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Izulu liyalila nengelosi, yebo lingikhathalele (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Nawe laph'ekhaya, uYes'ukukhathalele, nanasi simo sakho uzokunak'uYesu (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Ngoba uThixo wethu uyanaka, yeyi wamnak'uBathsheba ekwesihlungwini, wamnak'uHanna, engabathol'abantwana (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Hlabelela, ngithi ngiyazi Yes'ungikhathalele, ungikhathalele haa haa (Ungikhathalele, Baba ungikhathalele)
Written by: Sibongukwanda Nyangiwe