制作
出演艺人
Mnqobi Yazo
表演者
作曲和作词
Lindokuhle Mqobi Msimango
作曲
Sihle Zibani
作曲
歌词
Uzungamqali uzulu
Zovuke hlathini
Umzimba ugcwele ameva wena
Uzungamthinti okandaba
Ngoba unezinsizwa mabhobhodlana abuyehlathini, weh
(Nazi izinsizwa zibuya ephashini) awuzweke
(Zingabamba impi kuze kuyolamula) kona
(Ukushona kwelanga) kulamule ukushona kwelanga
(Nazi izinsizwa zibuya ehlathini) awuzweke
(Zingabamba impi kuze kuyolamula)
Kona (ukushona kwelanga) awu, weh
Aweh yeyi wemavaka nansimpi
Phezu kwentaba ihloma ngempela
Buyelekhaya mangabe ulivaka, weh
Nazi lezinsizwa esazi sika amahawu
Zalutheka ngokuhlehla kweNgqamu
Zishiya nomlilo usha ubuhangu hangu
Phansi kwezidwaba sesikhala ngohhawu
Yewena nsizwa ubushintsha ukwenza
Ekhanda lakho iskhwili bazositheza
Ezinye izinsizwa azinabembeza
Zokushaya uwe phantsi usushweleza
Hhee madoda
Hlangana butho nigcwale izihosha
Ninjengonwele benigila igoda
Ningafani nentombi esafunda ukuqoma, weh, weh, weh
Uzungamqali uzulu
Zovuke hlathini
Umzimba ugcwele ameva wena
Uzungamthinti okandaba
Ngoba unezinsizwa mabhobhodlana abuyephashini weh
(Nazi izinsizwa zibuya ephashini) awuzweke
(Zingabamba impi kuze kuyolamula) kona
(Ukushona kwelanga) kulamule ukushona kwelanga
(Nazi izinsizwa zibuya ephashini) awuzweke
(Zingabamba impi kuze kuyolamula)
Kona (ukushona kwelanga) awu, weh
Asiyeni ei wezinsizwa
Anginqeni ngingayibamba ishisa
Leyonsimbi ekuthiwa igoba ejalimani mina ngingayigoba ngakithi
Ngifika kuyona ngithi qo, qo, qo
Mina ngiyinsizwa not iphotocopy
Talagu impela nansi imihlolo boh
Thinta ng'yaduma ngifuze ikoloyi
Buya nganeno
Ngizokushaya ngempela
Ngadida izikhokho ngimumethe intshela
Manje ngempela ngempela
Awung'tshele wensizwa ngempela ungangimela yini?
Kuqhumimbadada kumosizi
Sisha ngempela isimolontshisi
Quqaba liyoqwala umqansa masekuqala
Lenkinga amanzi engena endlini ngempela
Uzungamqali uzulu
Zovuke hlathini
Umzimba ugcwele ameva wena
Uzungamthinti okandaba
Ngoba unezinsizwa mabhobhodlana abuyehlathini yoh
(Nazi izinsizwa zibuya ephashini) awuzweke
(Zingabamba impi kuze kuyolamula) kona
(Ukushona kwelanga) kulamule ukushona kwelanga
(Nazi izinsizwa zibuya ephashini) awuzweke
(Zingabamba impi kuze kuyolamula)
(Kona ukushona kwelanga) awu, weh
Written by: Lindokuhle Mqobi Msimango, Sihle Zibani

