Lyrics

Sthandwa sami seminyaka Zulu lami eliphila emhlabeni Sthandwa sami seminyaka Ngolandela njalo uthando lwakho Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Ngisaba nokuvula amehlo ngikubheke Nhliziyo yami iyathuthumela Ngizokuvulela yona ntombi uze uyibheke Thando luningi kusinda kuyehlela nje Hhe ntombi luningi Butho likaShaka mina ngisempini Lento sayiqala kudala le ngakithi Sekufike isikhathi ngikubike edlozini Uyintombi enhle ethi mayidlula bayibheke Jeqe jeqe bayijeqeze Noma ukude ntombi ngiyomemeza nje Ng'yomemeza entabeni Mangifun' ukukubona ntombi Ngifun' ukukubona ntombazane nje Sthandwa sami seminyaka Zulu lami eliphila emhlabeni Sthandwa sami seminyaka Ngolandela njalo uthando lwakho (uthando lwakho nje) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Ngihambile umhlaba wonke Uwena obus'enhlizweni yami Imini nobusuku kuyafana Ubusa njalo enhlizweni yami Ngithanda wena, uwena wedwa Ngifuna wena, awu wena wedwa Sthandwa sami seminyaka Zulu lami eliphila emhlabeni Sthandwa sami seminyaka Ngolandela njalo uthando lwakho (uthando lwakho nje) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba) Mayeeh (hhemm), mayeeh (inkulu lendaba)
Writer(s): Sanele Sithole, Lindokuhle Mnqobi Msimango Lyrics powered by www.musixmatch.com
instagramSharePathic_arrow_out