Top Songs By Mnqobi Yazo
Similar Songs
Credits
PERFORMING ARTISTS
Mnqobi Yazo
Performer
COMPOSITION & LYRICS
Lindokuhe Mnqobi Msimango
Composer
Lyrics
Weh ngabe kwenzenjani na?
Qu! Buyela
Asiye
Hhe, yeh, yeh, yah, yah (asiye)
(Weh ngabe kwenzenjani na?)
Mzulu omnyama (asiye)
UZulu omnyama, Zulu kaNdaba, Zulu onenkani
Makuphakama esakh'isandla isizwe ngeke singakhothami
Ngoba lesosandla isona esicikoza kujabule umhlaba
Mawuqhubeka wenza njal'impela izandla zidlul'ekhanda
Lezizimpi ezingaka ngiyathemb'ukuthi sizoyinqoba
Lamabutho angaka ngiyathemba sizowagoba
Uhlezi umalunda-lunda njengenkunzi ubokhonya
Khonya ndoda esashi isithuba woh
Nduku ezaqhum'ekhanda
Gazi lagcwala phansi
Ngangithi ngenz'ubunuku
Abanye bedla phansi
Mangithi ngizama ukunyuka
Bangibhekisela phansi
Mangithi ngizama ukubuka
Bangiphehlela amanz'amnyama
Bakhohlwa ukuthi
Lesikhuni sizobuya ngomkhwezel'ngob'umlilo awuvuthi
Loshintshi uzobuya ngosheleni ngoba bazitshela ukuthi
Basile kunami ngoba ukukhanya kubona bazitshela ukuthi
I will never make it
Mangifuna ukuphumelela
Ngidinga kubona i-confirmation, what?
I rather not make it
Makungabe ukuphumelela kwami
Ngidinga i-competition
Ngoba uma bengilamula futhi
Ngeke ngidlale, ngeke ngidlale amavaka (hhiye, iyeh, oh, ah)
Ngeke ngidlale, ngeke ngidlale amavaka (hhiye, iyeh, oh)
Mangihlulekile, nibohlab'intondolo (hhiye, iyeh, oh)
Mangihlulekile, nibohlab'intondolo (hhiye, iyeh, oh, ah)
Ngeke ngidlale, ngeke ngidlale amavaka (hhiye, iyeh, oh, ah)
Ngeke ngidlale, ngeke ngidlale amavaka (hhiye, iyeh, oh)
Mangihlulekile, nibohlaba'intondolo (hhiye, iyeh, oh)
Mangihlulekile, nibohlab'intondolo (hhiye, iyeh, oh, ah)
Writer(s): Lindokuhe Mnqobi Msimango
Lyrics powered by www.musixmatch.com