album cover
Umlando
album cover
Umlando was released on May 2, 2025 by Tammy Music Publishing as a part of the album iSidleke
May 2, 2025
LabelTammy Music Publishing
BPM69
Melodicness
Acousticness
Valence
Danceability
Energy

Lyrics

UMLANDO
Lyrics
Hhee iyeee iyee
iyeee iyeeee umlando ay,
Uphekomlando, (umlando wami)
Umlando,
Jabula dlozi lami usebenzile uyezwa
Akekho owayazi kobukwa mina namhlanje,
Ngithi jabula dlozi lami usebenzile uyezwa Akekho owayazi kuyobukwa mina namhlanje,
Bathi halala halala
Siyakubongela,
Umlando phekomlando kubukwa mina namhlanje ,
Bathi halala halala
Siyakubongela ehh,
Umlando Pphekomlando kubukwa mina namhlanje,
Phinda ugide dlozi lami ngiyakuhalalisela ngomsebenzi omuhle,
Ngoba akekho owayazi kobukwa mina namhlanje,
Bathi halala halala
Siyakubongela ehh,
Umlando phekomlando manje kubukwa mina manje,
Awubuke ihlombe
Eselishayelwa mina,
nomisa iphepha umlando
ngayibhalela mina,
Zathi Zitha mazimemeza
kwasabela nina, (nahlala nami)
Kulelo hlombe lenu lokuphephela
Kwaqamela mina,
Ei umlando wami,
into evele ingidabule umoya inhliziyo yami ibe buhlungu kakhulu,
Kuthi akasekho ubaba no mama,
Hey kuthe la ngathi izinto zami ziqala ukuthembisa khona
Bahamba bonke ubaba no mama,
Hhey abawubonanga Umlando wami
Bangishiya bonke ubaba no mama,
Hhey bayishaya isfuba ngami ngiyazi
Bekwelikamoya lena,
Hhey jabula dlozi lami usebenzile uyezwa,
Akekho owayazi kobukwa mina namhlanje,
Ngithi jabula dlozi lami usebenzile uyezwa, ngoba Akekho owayazi kuyobukwa mina namhlanje,
Bathi halala halala
Siyakubongela ehh,
Umlando phekomlando kubukwa mina namhlanje ,
Bathi halala halala
Siyakubongela
Mlando phekomlando kubukwa mina manje,
(Umlando)
Umlando,
(Ngiqopha umlando wami)
Kubukwa mina manje,
(Ngiqopha umlando)
Umlando,
(Ngiqopha umlando wami)
Kubukwa mina manje,
Ngithe ngifika lena ezinsizweni zathi hamba mfoka uFesi ungesabi
Thina siyakwazi la osuka khona,
(Umlando usetsheni)
Ngafika eyintombini
zathi siyakuthanda,
hamba,
siyakwazi la osuka khona,
(Umlando usetsheni)
Angikholwa,
Angikholwa mangibona inhlokoma engaka
Bengipheleza ngothando bethi
ngiyisbonelo esihle nami,
Ngathaka izithako ngamagama kwaphila abantu enhla neza ezansi,
Ai man konke lokho
Ngangifisa bakubone abazali bami,
Hhey abawubonanga Umlando wami
Bangishiya bonke ubaba no mama,
Bayishaya isfuba ngami ngiyazi
Bekwelikamoya lena,
Awugide ujabule dlozi lami usebenzile uyezwa, (hhaa ulwile)
Akekho owayazi kobukwa mina namhlanje,
(ulwile)
Ngithi jabula dlozi lami usebenzile uyezwa,
(Hhey ulwile wena)
 Akekho owayazi kuyobukwa mina namhlanje,
Bathi halala halala
Siyakubongela,
Umlando phekomlando kubukwa mina namhlanje ,
Bathi halala halala
Siyakubongela
Umlando phekomlando kubukwa mina manje.
Written by: Malusi Menzi Dlodlo
instagramSharePathic_arrow_out􀆄 copy􀐅􀋲

Loading...